Uzokhipha ingoma owesifazane owathi akazwani nephenti

2016-10-03 11:35

Durban - Usengena embonini yomculo owesifazane ongapheli eYadini, odume kakhulu ngokudansa futhi owathi akazwani nephenti.

UZodwa Wabantu owaduma kakhulu nangokugqoka izingubo ezincane ezimbambayo usezocula manje.

Njengamanje use-studio no-DJ Twitty kanti kulindeleke akhiphe iculo lakhe neGwaragwara Entertainment, ongiyisitebele sikaDJ Bongz.

Funda nalolu daba: Uyinyathele emsileni kuMeyiwa uKelly ngeculo alibhalele uSenzo

“Umculo uzongivulela iminyango.”

“Ngiyathanda ukudansa nokujabulisa abantu. Ngicabanga ukuthi abantu bayayithanda indlela engiyiyona,” kusho uZodwa, isibongo sakhe sangempela okunguLibram.

“Ngibonga kakhulu kuDogg noTwitty. Iculo esizolikhipha lizobe lishisa izikhotha ngesikhathi samaholidi."

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-18°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-22°C Sunny. Mild. PE: 9-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...