Uzojoyina iGenerations The Legacy umlingisi wakuleli

2017-08-10 19:30

Johannesburg – Umlingisi wakuleli, uHayley Owen, uzojoyina umdlalo kabamanakude oyintandokazi, kuSABC1, iGenerations The Legacy, edlala ngo-20:00 kusihlwa phakathi nesonto.

Lo mlingisi udume kwabaningi ngo-Angie kwi-The Wild, okukanye uTalullah kwi-High Rollers. Manje uHayley uzodlala indawo ehluke kakhulu njengoba esezoba ngu-Elsa Van Wyk.

U-Elsa ungumama ohlala ezindaweni zabadla izambane likapondo oqala umkhankaso wokuthi axhumane nomuntu owayemgadela ingane, uFlorence, nokuyindawo edlalwa u-Ivy Nkutha. Lokhu kuhlangana kabusha kudala imizwa engafani kwintokazi yaseshibhini, uLucy, kanye nomndeni wakwaDiale usuwonke.

OLUNYE UDABA: Useyashiya kuGenerations: The Legacy umlingisi wodumo

Indawo edlalwa u-Elsa iphinde iphoqe uFlorence ukuthi abhekane nokubuya kwesithombe sezinto ezenzeka kudala.

Ngokwemibhalo yasezinkundleni zokuxhumana kuyabonakala ukuthi uHayley uthokozile ngale ndawo entsha ayidlalayo.

Ephawula ngale ndawo yakhe entsha ayidlalayo, uHayley uthi uhlabeke umxhwele ngethalente kanye nezinga eliphezulu lokuqoshwa kweGenerations, wathi kuyinto enkulu kuyena ukuthi abonakale kulo mdlalo onababukeli abaningi kangaka.

“Ngethemba ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bazomamukela u-Elsa emakhaya abo.”

UHayley Owen uzoqala ukubonakala kulo mdlalo ngoMsombuluko, mhlaka-21 ku-Agasti. 

Loving my new Generations family! #GenerationsTheLegacy #Actress #OnSet

A post shared by Hayley Owen Watters (@hayleyowensa) on

Working with Legends! @manakaranaka @luyandamzazi #RonnieNyakale @generations_the_legacy #Actress #ComingSoon

A post shared by Hayley Owen Watters (@hayleyowensa) on

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...