UZodwa Wabantu uzonandisa kwiDundee July noBabes Wodumo

2017-07-13 19:29

Durban - Uzophinde abonakale kwiDundee July ongadilozi lapho ezobe eshaya imidanso adume ngayo, evoshoka  aphinde antazise imilenze phezulu engadilozile.

UZodwa Wabantu ungomunye wabantu ababhekwe kakhulu kumqhudelwano wamahhashi  ohlanganise imfashini kanye nobumnandi eDundee .

UZodwa Wabantu osanda kuba sematheni ngemuva kokubonakala kwakhe emjahweni wamahhashi obuseThekwini lapho abegqoke khona ingubo eveza ithanga lonke nesinqa.

OLUNYE UDABA: UZodwa Wabantu uthi akasabazi ubuthongo

UZodwa odume ngokungadilozi kulindeleke ukuthi ajabulise izinkumbi zabantu ezizobe zihambele lo mcimbi  NgoMgqibelo utshele abeZindaba24 ukuthi ngeke abaphoxe abalandeli bakhe akanandaba nabamgxekayo.

 “Ngiyazi ukuthi abantu bangigxeka kakhulu kwiVodacom Durban July ngengubo yami engangiyigqokile, kodwa ngeke ngibaphoxe balandeli bami njengoba kuyibona abangipha amandla ukuze ngibe ilo Zodwa enginguye namuhla. Abantu abaphume ngobuningi kwi-Dundee July bezobona uZodwa Wabantu ongashintshi futhi obathandayo abalandeli bakhe,” kusho uZodwa

UZodwa Wabantu kulindeleke ukuthi abesetendeni le-West Ink lapho ezobe eshiyelana khona inkundla noBabes Wodumo, Destruction Boyz, Madanon , Mampintsha kanye noDj Boonu

Maningi amatende azobe eqala ukukhangisa kulo mcimbi, elinye lawo yi-Posh Maquee ezophatha osaziwayo abangaconsi phansi kubalandeli babo.

UNtombi Gumede ongu -Mrs Africa Tourism ukuqinisekile ukuthi kuzobe kukhona abalingisi beSibaya kanye noZalo nabanye osaziwayo kuleli tende.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uyashiya kwi-RGB umsakazi

2017-07-25 16:00
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...