UZodwa Wabantu uyesaba ukuya eZim

2017-12-11 14:00

Johannesburg - Asephendukile amatafula selokhu lowo obenguMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe ubengafuni nokumbona ezweni uZodwa Wabantu wodumo lemidanso yakhe ezindaweni zobumnandi.

Abalandeli baZodwa Wabantu bavele basangana ngesikhathi bezwa ukuthi uzofika eZimbabwe ezonandisa ngempelasonto edlule.

Kodwa basala bedumele ngesikhathi lo mdansi ongaligqoki iphenti engafki.

OLUNYE UDABA:Angizizwa ngi-sexy uma ngigqoke idilozi- Zodwa Wabantu

UZodwa ubebhukhelwe ukuba ayonandisa ngoMgqibelo nangeSonto ngemuva kokungafuneki ezweni ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

"Ngiyafuna impela ukuyonandisa eZimbabwe kodwa ngicabanga ukuthi isikhathi asikavumi njengoba nesimo sezwe sisemanzonzo," usho njalo.

"Kusenamasosha emigwaqweni futhi nabantu basamatasa ngokulungisa impilo zabo.

"Okwamanje angikwazi ukuzibeka engcupheni. Abalandeli bami ababekezele kuzobonakala ukuthi ngiya nini khona."

Izwe iZimbabwe lisabhekene nezingququko kulandela ukwesula kamengameli Robert ugabe esikhundleni ngemuva kokuba amasosha elawule izwe.

 - Daily Sun

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...