UZodwa Wabantu uthi usekulungele 'ukuyovoshoka' e-UK

2017-04-04 14:03

Durban - Odume ngelikaZodwa Wabantu, uZodwa Libram, waphenduke usaziwayo ngokuphazima kweso ngamavideo akhe omdanso asabalala ezinkundleni zokuxhumana uzojoyina uDJ Tira ohambweni lwakhe lwase-United Kingdom.

Nakuba abanye abantu bekhala ngokuziphatha kwakhe okuyisibonelo esingesihle kwabanye abantu besifazane, uZodwa ukholwa ukuthi ukudansa engadilozile akusiyo inkinga.

"Anginendaba nokuthi bathini abantu. Bayohlezi bekhuluma abantu kodwa mina ngiyohlezi ngiqhakaza."

OLUNYE UDABA:Angizizwa ngi-sexy uma ngigqoke idilozi- Zodwa Wabantu

UZodwa ekhuluma ngohambo lwakhe, uthe: "IPrince Nathan Entertainment yabona ama-video akhe edansa eYadini Lounge, eMlazi, eningizimu yeTheku. Bangimemela eManchester naseBirmingham ngoLwesihlanu nangoMgqibelo. Ngijabule kakhulu. Lesi yisiqalo sezinto ezinhle. Ngizobatshengisa ukuthi ubumnandi yini.

"Ngimuhlonipha kakhulu uDJ Tira, ungu-DJ onekhono ezweni. Ngangithukile ngesikhathi ngizwa ngohambo engizoluthatha naye kodwa ngemuva kwesikhashana ngathola ukuthi ungumuntu othobekile."

Uhambo lukaDJ Tira alugcini e-United Kingdom ngemuva kokunandisa khona ngoLwesihlanu nangoMgqibelo uzodlulela eCanada ngomhlaka-13 Ephreli.

UTira uzophinde anandise eNew York, eCleveland naseWashington, United States nghomhlaka-14, 15 nangomhlaka-16 Ephreli.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uyashiya kwi-RGB umsakazi

2017-07-25 16:00
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...