UZodwa wabantu uthi kukhulu okuzayo, abantu ababekephansi umoya

2017-07-03 12:32

Durban - Bebejika kusho ukuphuka izintamo abantu ebebehambele umcimbi wamahhashi iVodacom Durban July ngoMgibelo, uZodwa Wabantu efake ingubo emnyama eveza lonke ithanga kubonakala ukuthi alibonwa nhlobo iphenti.

UZodwa ungomunye wabantu ebebelindelwe kakhulu kulo mcimbi etendeni laseYadini njengoba bebeqala ukuba yingxenye yomcimbi.

Kume yonke into etheleka abantu bemlandela bemushutha ngemuva futhi engenankinga.

UZodwa uthe ubathanda kabi abalandeli bakhe njengoba engabaphoxanga futhi engenankinga yokuthi bayamlandela befuna ukuthatha izithombe naye.

OLUNYE UDABA:UZodwa Wabantu uthi akasabazi ubuthongo

“Mina ngingumuntu wabantu negama lami liyasho, abantu bebelindele mina kakhulu futhi bengingeke ngikwazi ukubaphoxa. Ngibonile ukuthi ingubo yami bayithandile kakhulu, nangonyaka ozayo basazongibona futhi bazobona okhulu kunalokhu.

"Yize abanye bengixeka akunankinga, ngifuna abantu besifazane bazithande  baziphilele, sebenzisa onakho ngamandlla akho. Ngivukile ngagcoba uvaselina, ngazigqokela ingubo yami engiyithandayo, abantu abayeke ukugxeka uZodwa Wabantu," kusho yena.

Kulo nyaka amatende abeqala ngqa ukuba kulo mcimbi nawo ahlomule lukhulu njengoba abegcwele mfi. Phakathi kwamabhizinisi abeqala ukumisa amatende lapha kubalwa iYadi, iKaledoScope elixhaswe yiNdalo Media kanti bekuhleli kulo uBoity Thulo futhi yitende elithandwe kakhulu abathandi benqephu njengoba bekukhangiswe kakhulu imfashini.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...