UZodwa Wabantu uthi akasoze abuyela esikoleni

2018-02-06 18:42

Johannesburg - Akusiyo imfihlo ukuthi uZodwa Wabantu uzimisele kakhulu ngomsebenzi wakhe embonini yezokujabulisa, ukuqinisekisa ukuthi i-akhawunti yakhe yasebhange ihlala iyinhle.

UZodwa Wabantu useke wakucacisa nokuthi akanandaba nokunye ngaphandle kokwenza imali. Ngakho umatasa kakhulu ngokubala imali yakhe kunokukhathazeka ngokujaha iziqu nokubhala izivivinyo.

Ngesikhathi omunye wabalandeli etshela uZodwa Wabantu ukuthi kufanele ake akucabange ukubuyela esikoleni, lo nontandakubukwa ube eseyaziphendulela.

OLUNYE UDABA:Kugxekwe uZodwa Wabantu ngolimi oluqosheme

"Zodwa ubuyela nini esikoleni? Ngisho noJulius Malema wabuyela esikoleni, wagogoda futhi kulokhu ubhalisele ukwenza iMasters yakhe eWits," kusho lo lamndeli.

UZodwa uqondise lo mlandeli ngokuphazima kweso, wadalula ukuthi akusekudala abeyisicebi futhi impilo ayiphilayo iyamjabulisa.

"Ngiyaxolisa, angisoze ngabuyela esikoleni. Ngibala u-R800 000 wami  kumanje kanti ngifisa ukufika kwisigidi maduze," esho.

Ngaphambilini uZodwa Wabantu enengxoxo nabeTimesLive wadalula ukuthi akazange awuphase umatikuletsheni wabe esengena emigwaqeni yaseGoli eyofuna impilo.

"Ngahamba ekhaya ngineminyaka engu-16 ubudala kuze kube yimanje, nakuba impilo yayinzima emgwaqeni, angizange ngiqoqe imithwalo yami ngibuyele ekhaya.

"Uma usemncane awusabiseki kalula ngoba uhlezi unethemba uma uqhathanisa nesikhathi lapho usuke usumdala khona. Kudala ngangisebenza ngokuzikhandla," esho.

 - The Citizen


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...