UZodwa Wabantu uthi akasabazi ubuthongo

2016-09-10 10:00

Durban - Owodumo lokudansa eYadini Lounge eMlazi, uZodwa 'Zodwa Wabantu' Libram, uthi akasabazi ubuthongo abantu besilisa abamthembisa umshado.

Le ntokazi eneminyaka engu-31 ubudala yaseSoweto ezinze eThekwini ithi yona nomhlado amanzi nophalafini.

UZodwa usanda kudalula ukuthi yena akalikhonzile idilozi ngoba alimphathi kahle kanti njengamanje uthi uFacebook wakhe umatasa ngendlela eyisimanga, amadoda ameshelayo.

OLUNYE UDABA: Angizizwa ngi-sexy uma ngigqoke idilozi- Zodwa Wabantu

"Angilazi isasasa elingaka ngoba ngiziophilela impilo yami engijabulisayo, ngiyawazi amadoda asengibuke ngeso lokonakala ngoba bngathi agiligqoki idilozi."

UZodwa uvele wahleka walala ebuzwa ngabephephandaba iSolezwe mayelana nesoka nomshado, wathi uyazi ukuthi la madoda avela manje awazile ngomshado kodwa azifunela ikhekhe nje kodwa abangakwazi ukuthi angeke bamelane naye.

"Anginayo indoda kodwa ayikho engingathi uma ngiyihalela ngingayitholo. Ngeke ngiqambe amanga ngithi angiyi ocansini ngoba ngingenalo isoka.

"Bakhona osomabhizinisi abaziwayo engingeke ngibadalule engizijabulisa nabo ngocansi futhi bayazi ukuthi angeke ngilokhu ngikhuluma ngabo noma ngifuna ukubukwa ngokuzijabulisa nabo. Sibadala siyayazi into esisuke siyenza.""

UZodwa uthe lokhu akumenzi 'unonkiloyi' noma ohukile kwabanye. Wathi umehluko phakathi kakhe nabanye abantu besifazane wukuthi yena uzenzela konke ngemali yakhe.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...