UZodwa Wabantu 'unqabe' ukuthatha isithombe noSkolopad

2017-09-29 19:29

Cape Town – Unontandakubukwa onguZodwa Wabantu unqabile ukuthatha isithombe “nembangi” yakhe uSkolopad emcimbini wokwethulwa kwabaqokelwe izindondo kumaFeather Awards ngoLwesine.

Osaziwayo bakuleli bebehlanganyele eConstitutional Hill, eGoli, njengoba bekuyomenyezelwa amagama alabo abangase bahlabane kowamaFeather Awards.

USkolopad (ogama lakhe langempela nguNonhlanhla Qwabe) noZodwa Wabantu bobabili baqokelwe eminxeni iSocialite of the Year neDrama Queen of the Year, kanti bobabili abazange baphoxe ekwenzeni lokhu abakuqokelwe.

Ngokusho kwemibiko, ngesikhathi umthwebuli wezithombe eza kulabo saziwayo ngenhloso yokubathatha isithombe bebobabili, kuthiwa uZodwa unqabile wathi lokho kungase kucekele phansi le nto azama ukuyakha.

Ngesikhathi ecelwa ukuba aphawule ngale mibiko, uZodwa utshele iThe Juice wathi: “Yebo, nginqabile. Ngenza into yami naye akenze eyakhe.”

Ngakolunye uhlangothi uSkolopad akazange aqonde ukuthi kungani uZodwa eziphathe ngale ndlela ngoba “bebezothatha isithombe nje kuphela”.

Bobabili laba badume ngokungabi namahloni ngemizimba yabo njengoba kungeyona inkinga kubo ukuhamba nqunu emphakathini.

Even when im wearing a beautiful dress & make-up?????? am from the Streets ghetto Blood???????????????

A post shared by zodwalibram (@zodwalibram) on

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...