UZodwa Wabantu udalule ukuthi uthandana no-Ben 10

2017-11-30 16:00

Johannesburg - UZodwa Wabantu wodumo lokulahla umlenze usezitholele uthando kowesilisa omncane kunaye, kodwa uthi akakukhathaleli okucatshangwa ngabantu.

Ngokusho kweTshisaLive, uZodwa uqale ukuthandana nesoka lakhe elingaziwa emasontweni ambalwa adlule.

"Akekho kulo mkhakha wezikaqedisizungu. Usebenza ebhange kanti futhi akanandaba nodumo lwami. Empeleni, sahlangana ngaphambi kodumo lwami ngemuva kwalokho sadukelana. Wangithumelela umqhafazo sabe sesiqala sixoxa futhi, kodwa akathandani nami ngenxa yodumo lwami."

OLUNYE UDABA:UZodwa Wabantu uthi akasabazi ubuthongo

Nakuba laba bobabili bezijabulisa, lesi sinqandamathe sakhe asisilo uhlobo lomuntu ongashadelwa.

"Kumnandi ukuba naye kodwa akasiye umuntu ongaba wumyeni. Siyazijabulela nje. Uyafika uma nginandisa, sidle, siphuze iziphuzo senze nokunye okuningi sobabili. Umuntu nje engizixoxela naye," usho njalo eqhuba.

UZodwa uvumile ukuthi isoka lakhe lincane kunaye ngokweminyaka, kodwa emehlweni akhe akasiye u-Ben 10.

Lesi sihlabani siqhube ngokuthi akudikizi nqulu kuso ngokushiwo abantu ngegebe leminyaka elikhona phakathi kwlaso nesoka elisha.

"Mncane kunami kodwa angikhathazekile ngegebe leminyaka. Uyazi ukuthi anginandaba nokuthi bathini abantu," eshoo.

 - The Citizen

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...