UZodwa usecele uSkolopad ukuba ahlukane naye phansi

2017-10-15 16:31

Johannesburg - Nakuba ingxabano phakathi kukaZodwa Wabantu noSkolopad kubukeka isekude ukuphela, uZodwa usecele lesi sitha sakhe ukuba sihlukane naye phansi, uthi sizama ukuthola udumo ngaye.

NgoMsombuluko uSkolopad uziqhathanise nemoto, wathi uhlezi esihlalweni somshayeli kanti uZodwa uyinqola, elandela kuphela imoto. Esho ukuthi ulandela u-DJ Tira.

Kodwa uZodwa uvele wakuchitha konke lokho.

"UTira ungumuntu engibukela kuyena nongisizayo futhi kuyisibusiso ukuba khona kwakhe empilweni yami. Ngilandela u-R25 000. Ngilandela imali. Uma ngingamlandeli, kumele ngilandele bani,” esho.

OLUNYE UDABA: I-OPW izoba nomethuli omusha wesikhashana

Ukuphikile ukuthi uTira nguyena kuphela umuntu owenze waphumelela, wathi uhlale esezigqwembeni nabanye abantu abasembonini yobumnandi.

"UTira usebenza kanzima futhi uyindoda yomndeni. Sinandisa ezindaweni ezahlukene futhi kwesinye isikhathi sisebenza ndawonye.

“USkolopad udinga umuntu azobukela kuyena nozomsiza azakhele kabusha igama. Ngikhathele yilento. Nginezinto ezingcono okumele ngizenze ngesikhathi sami. Kusho uZodwa ediniwe.

Khonamanjalo, uSkolopad uthe uZodwa kumele ‘aqaphele’ ngoba kusazoshuba okwangempela.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...