Uzobekwa endaweni yakhe yokugcina u'Bra Eddie'

2018-02-02 07:59

Johannesburg - Inkakha yezokulingisa uSandy "Bra Eddie" Mokwena izobekwa endaweni yayo yokugcina namuhla (ngoLwesihlanu) emathuneni aseWest Park eGoli.

Lo mlingisi udume kakhulu ngendawo abeyidlala emdlalweni wakumabonakude iScandal enguBra Eddie Khumalo.

OLUNYE UDABA:Kuvela ukuthi ubenesifo senhliziyo u'Bra Eddie'

UMokwena useke wabonakala emidlalweni eminingi yakumabonakude okubalwa kuyo iGenerations, iSoul City, iYizo Yizo neZero Tolarence.

Lesi sihlabani sizophumela esontweni iGrace Bible Church ngezithuba zabo-08:00.

UMokwena udlule emhlabeni eneminyaka engu-68 ubudala.

 - Twitter:

 - eNCA

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...