Uzobe eyibhikla kwi-Durban July okaMaskandi

2017-06-26 19:30

Durban - Kulindeleke ukuba ahlanyise izihlwele umculi kaMaskandi ongaconsi phansi kubalandeli bakhe uKhuzani “Idlamlenze” Mpungose.

Lo mculi ozobe yingxenye yabaculi okulindeleke ukuba banandise emcimbini we-Fact Durban Rocks nokuyiwona mcimbi wokugoqa yonke imicimbi ye-Vodacom Durban July nohlelwa yisitebele i-Afrotainment.

Lokhu kuqinisekiswe uSenzo Shezi okhulumela lesi sitebele othe: "Kulo nyaka lizonyuka kakhulu izinga lalo mcimbi futhi sinxusa abantu ukuba basheshe bawathenge amathikithi bazobona le ngqophamlando.

"Okuhle kakhulu wukuthi sizofaka nabaculi abasebasha kule mboni ukuze nabo bathole ithuba lokuzibonakalisa. Sifuna ukuthokozisa bonke abantu kungabi nabathandi bomculo abazohlala emakhaya ngoba nakhu ungekho umculo othandwa yibona."

Abahleli balo mcimbi bathi amathikithi athengisa okwamakhekhe ashisayo, lokho kubajabulise kakhulu ngoba abantu bazophuma ngobuningi babo ukuzobona inqopha malando.

OLUNYE UDABA:Kukhonya abalandeli bakaMaskandi kulokhu

UKhuzani uhlabe wawulawula ukuthi abathandi bamaskandi abeze bezozibonela enza adume ngazo. Unxenxe ukuba kube noxolo kulo mculo ukuze abantu bengeke bababuke njengeziqhaza kodwa bawuthokozele umculo wabo. 

Abaculi abazobe benandisa kubalwa uBabes Wodumo, AKA, Kwesta, Khuzani, Cassper Nyovest, Dj Gukwa namadada, Dj Cleo, Naak Musiq, Big Nuz, Lvovo, Ricky Rick, Distruction Boyz, OkMalumKoolKat kanye nabanye. 

Amathikithi ayothalakala e-computicket naseShoprite ,aqala ku-R250, R750(VIP) nelika R2 000(VVIP) ,amasango avulwa ngo-18:00 ntambama umcimbi uze uphele ngo-06:00 ekuseni.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...