Uzidalele amazinyo abushelelezi okamaskandi ozibiza ngoShaka

2016-12-17 18:31

Durban – Uzidalele amazinyo abushelelezi eNdlunkulu kaZulu umculi kamaskandi okhiphe i-albhamu ezibiza ngeSilo saKwaDukuza, iNkosi uShaka.

Lo mculi waseMpangeni ukhiphe i-albhamu yakhe yokuqala ezibiza ngoKing Shaka, kubika iSolezwe ngoMgqibelo.

Okhulumela iNdlunkulu uMntwana uMbonisi uthe abantu kumele bakuqonde ukuthi igama elithi Shaka akusona isidlaliso kodwa yigama langempela leLembe.

OLUNYE UDABA: USgwebo uzowubeka kwelinye izinga umaskandi

“Akudlalelwa emagameni abantu amakhulu. Iyichilo indaba yokuthi abantu baze bazale izingane bazethe ngala magama.

“Siyayiqala nje le nto eyenzekayo yabantu abangawahloniphi amagama abantu abakhulu,” esho.

Lo mculi, uSakhe Biyela, 26, ebuzwa ngokuzibiza ngaleli gama uthe akaziqambanga kepha laqhamuka ezinsizweni ayegida nazo ingoma.

“Ngenxa yokuthi yimi engangihola ingoma, abantu bangiqamba ukuthi nginguKing Shaka ngase ngizibiza ngalo-ke,” kuchaza lo mculi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-17°C Afternoon clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...