UZahara uthi uSomizi akaxolisanga ngendlela efanele

2017-06-01 15:59

Johannesburg - NgoLwesithathu ngemuva kokuba uSomizi Mhlongo esexolisile kwabephephandaba iSowetan ngakusho ngoZahara emcimbini wama-SAMA ngempelasonto, iningi labantu belicabanga ukuthi sekudlulile.

Nakuba uSomizi esexolisile, uZahara ubona sengathi uxolo lukaSomizi alunasigqi futhi uxolisa ngoba efuna ukumvala umlomo.

OLUNYE UDABA: UZahara uthi uzomangalela uSomizi nama-SAMA

"Kukhona engikubonile kwi-internet ngokuxolisa kwakhe kodwa namanje ubengakaxolisi kimi. Ngempela uxolo olunjani lolu "Uxolo Zahara, bekuyihlaya?," kusho uZahara etshela iDaily Sun.

UZahara uthe ufuna uSomizi axolise kahle, ngendlela efanele.

"Ngizothumelela incwadi esuka kubameli bami namuhla. Unesikhathi esingangesonto sokuba axolise kahle kimina. Angidlali," usho kanje etshela iphephandaba.

NgoMgqibelo ebusuku emcimbini wamaSAMA eSun City, uSomizi wabuza izihlwele ukuthi ngabe uZahara usephume waya lapho kuphuzwa khona utshwala yini.

Lokhu wayekusho kulandela imibiko yangonyaka ophelile eyayithi uZahara ubuphuza aze alale kubo utshwala.

Nakuba uZahara ayengekho kulo mcimbi watshelwa ngaleli hlaya wabe esesabisa ngokumangalela uSomizi kanye nabaphathi bamaSAMA uma bengaxolisi kuye kuze kuphele leli sonto.

Impela kubonakala sengathi lolu daba lusekude ukuphela.

 - Drum

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...