Uyashiya kwiSkeem Saam 'uBabymaker'

2017-06-21 14:01

Johannebsurg - Umlingisi uBongani Masondo uyashiya emdlalweni owuchungechunge kumabonakude iSkeem Saam esitshengisa kuSABC 1 phakathi nezinsuku ngo-18:30.

UMasondo, odlala indawo kaMangaliso Sangweni odume ngelika-Babymaker kulo mdlalo, uzogcina ukubonakala kuwo ekuqaleni kwenyanga ezayo (Julayi) ngemuva kweminyaka emithathu ekuwo.

OLUNYE UDABA:Uyashiya kwiRhythm City umlingisi oyintandokazi yeningi

Lo mlingisi ophinde abengumculi ekhuluma nabephephandaba iSowetanLIVE izolo (ngoLwesibili), uthe ukhethe ukuwushiya lo mdlalo kulandela ukungaboni ngasolinye nophrojusa balo mdlalo mayelana nenkontileka yakhe.

UMasondo, uthe ngale kokunye, akakwazanga ukufika esivumelelwaneni nophrojusa bomdlalo mayelana neholo lakhe.

Ukuhamba kukaMasondo kuza ngemuva kokushiya kwabanye abalingisi kulo mdlalo ongaconsi phansi kwabaningi.

Abalingisi abagqamile asebewushiyile lo mdlalo kubalwa uNatasha Tahane, obedlala indawo ka-Enhle, uPretty Ncayiyana obedlala indawo ka-Ayanda kanjalo no-Oros Mampofu obedlala indawo kaJama.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...