Uyashiya kwiRhythm City umlingisi oyintandokazi yeningi

2017-02-01 19:27

Johannesburg – Sekuqinisekiwe ukuthi umlingisi uNtando Duma, odlala indawo kaZinzi Dandala kuRhythm City uyawushiya umdlalo.

Lo mlingisi umemezele lezi zindaba enkundleni yezokuxhumana i-Instagram.

OLUNYE UDABA: Uyashiya odlala kwiSidingo

"Lo umzuzu obuhlungu kodwa futhi ojabulisayo empilweni yami. Wusuku lokugcina ngihlangene nomndeni wami wakwiRhythm City! mm l endlela engiphuma kuyo! ngiyabonga kakhulu ngethuba, isipiliyoni nokwesekwa iminyaka emibili!"

Lezi zindaba ziqinisekiwe yisitatimende esikhishwe ngabesiteshi esizimele i-e.tv.

UNtando uzogcina ukubonakala kulo mdlalo ngomhlaka-4 Ephreli. Abakwa-e.tv bafisele uNtando konke okuhle.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...