Uyashiya kuSkeem Saam umlingisikazi ongaconsi phansi

2016-07-15 16:00

Johannesburg – Umlingisikazi weSkeem Saam othandwa kakhulu, uNatasha Thahane odlala indawo ka-Enhle, sekuvele ukuthi uyashiya kulo mdlalo.

UThahane uzobonakala emdlalweni iThe Queens ozotshengiswa kuMzansi Magic.

Ekhuluma nephephabhuku iDrum, uThahane uqinisekisile ukuthi uyahamba kulo mdlalo: “Ngibe nesikhathi esimnandi kakhulu kuSkeem Saam. Ngiyabakhumbula kakhulu abantu ebengisebenzisana nabo ngoba bese befana nomndeni kimi,” esho.

OLUNYE UDABA: Konke ofuna ukukwazi ngeSkeem Saam

UThahane, ongumzukulu ka-Archbishop Emeritus Desmond Tutu, uthe uhambe kahle kulo mdlalo.

"Bangivalelise kamnandi baze bangipha nezipho,” esho.

Ukuhamba kukaThahane kuza ngemuva kokushiya ngokukhulu ukuzuma kukaNkokheli Oros Mampofu, obedlala indawo kaJama.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...