Uyashiya kuSidingo umlingisi ongaconsi phansi kwabaningi

2016-04-01 10:01

Johannesburg – UKgomotso Christopher, odlala indawo kaKatlego Sibeko, emdlalweni owuchungechunge iSidingo, kubikwa ukuthi uyashiya kulo mdlalo.

UChristopher, osehlale nalo mdlalo otshengiswa ku-SABC 3 iminyaka emihlanu, uthe uzobonakala kwenye indawo eqhubeka nokulingisa, kubika iSowetan.

Lo mlingisikazi ungomunye wezinsika zalo mdlalo.

OLUNYE UDABA: Uvalelise kubalandeli oseshiya iSidingo

Kuthiwa uzogcina ukubonakala kulo mdlalo ngomhlaka-13 Ephreli nonyaka.

“Sizomkhumbula kakhulu kanti sithanda ukubonga indima ayidlalile kulo mdlalo,” kusho isikhulu esiphezulu se-Endemol Shine, uSivan Pillay.

“Ithalente likaKgomotso, ukuzinikela nokuthobeka ngezinye zezinto esizozikhumbula ngaye.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...