Uyashiya kuMuvhango 'uMatshidiso'

2018-01-09 19:29

Johannesburg - Umlingisi uBuhle Samuels odlala indawo kaMatshidiso emdlalweni owuchungechunge kumabonakude iMuvhango, kubikwa ukuthi naye useyawushiya.

USamuels, 28, waqala ukubonakala kulo mdlalo otshengisa ku-SABC 2 njalo phakathi nezinsuku ngo-21:00 eminyakeni emine eyedlule.

"Sekuyisikhathi sokukhula. Ngisemncane futhi ngiyakujabulela ukwenza eminye imisebenzi ngidlale ezinye izindawo," kusho uSamuels.

Lesi simomondiya somlingisi esesizakhele udumo ngesinqe saso kwabanye abalandeli, siveze ukuthi sifuna ukuqala eminye imisebenzi.

OLUNYE UDABA:Abaxoshwanga abeMuvhango

"Abantu bazobona ezinye izinto ebengizenza. Ngizogxila emculweni kanti abantu bazobona futhi ukuthi nginamanye amakhono," esho.

Lesi siphalaphala saseSoweto sithe isiqephu sokugcina kuMuvhango sasiqopha ngoSepthemba.

USamuels ujoyine abanye abalingisi asebawushiya lo mdlalo okubalwa kubo uLesley Musina (Ndalamo), uPhindile Gwala (Nonny), uBo-ntle Sithole (Busi) noSindi Dlathu (Thandaza) ngonyaka odlule.

Lo mlingisi uthe ukushiya kwakhe akuchazi ukuthi kukhona olubi oluqhubekayo kwiMuvhango.

Okhulumela iMuvhango u-Amanda Ngudle akatholakalanga ephawula ngalolu daba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...