Uyaqhubeka umsindo ngefilimu Inxeba

2018-02-04 08:39

Cape Town – Bephendula izinsongo zodlame kulandela ukukhishwa kwefilimu equbule umsindo esihloko sithi Inxeba (The Wound), ophrojusa nabo sebefake isikhalazo kwiSouth African Human Rights Commission kanye neCommission for Gender Equality.

Amabhayisikobho amaningi e-Eastern naseWestern Cape ngoLwesihlanu ntambama amemezele ukuthi ngeke asayikhombisa le filimu kulandela imvunge.

Abaholi bendabuko, iContralesa kanye ne-EFF bahlele amamashi amelene nokukhonjiswa kwale filimu emabhayisikobho ehlukene kuleli.

Kuphinde kwaba nemibiko yokuthi izisebenzi zakulezi zindawo zithole ukusatshiswa ngababhikishi.

OLUNYE UDABA: Amadoda awayithandi ifilimu i-50 Shades of Grey

Le filimu, elandisa ngothando oluqhubeka phakathi kwabesilisa ababili entabeni kuqhubeka usiko lokusoka, ithole okukhulu ukugxekwa ngokungalihloniphi leli siko.

“Amalungelo abantu, ukuzizwakalisa ngokukhululeka, inkululeko yokuthandana noma ngabe ngubani, wabuphi ubulili kanye nokulingana konke kuvikelwe nguMthethosisekelo,” kusho umqondisi wale filimu uJohn Trengove ngesitatimende.

"Inxeba akulona elawo wonke umuntu, kepha baningi abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abantu abamnyama abathandana nabobulili obufanayo, abanelungelo lokubuka le filimu ngoba itshengisa ezinye zezinto aseke badlula kuzo.”

 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...