Uyalulama uBra Hugh ngemuva kokuwa

2017-04-12 12:31

Johannesburg - Inkakha yomculo uHugh Masekela usebuyele ekhaya kanti uyelulama, lokhu kuza ngemuva kokuba ewile walimala egxalabeni.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi lo mculi ehambele umcimbi wamaMo Ibrahim Awards, eMarrakech, eMorocco, ngempelasonto.

Ngokusho kukaCaroline Hillary we-Bassline Live PR, sekuhlehliswe ikhonsathi kaHugh eLyric Theatre at Gold Reef City ebihlelelwe uLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: UMasekela uphika eyokuqasha ‘amaphoyisa ama-weave’

UCaroline ekhuluma neDaily Sun uthe: "UBra Hugh ulimale ngemuva kokukhubeka wawa ezihambela. Ukuwa kwakhe kuphoqe ukuba aphuthunyiswe esibhedlela, ngenhlanhla ubenganandisi ngesikhathi ehlelwa yilo mshophi.

"Useneminyaka engu-78 ubudala kanti ukuwa kule minyaka akuyo kubi kakhulu.

"Ngenhlanhla ulimale ehlombe, uzohlala amasonto ayisithupha ekhaya engasebenzi futhi uzobe ehamba nodokotela."

UCaroline uthe abantu abesebewathengile amathikithi ekhonsathi bangakwazi ukuwaphindisela eComputicket, babuyelwe yizimali zabo noma bawagcine kuze kuhlelwe olunye usuku.

"Sithemba ukuthi sizothola olunye usuku maduze, kodwa kungenzeka ukuthi lube ngasekupheleni kukaJuni kanti konke kuncike ekululameni kukaHugh nangokuthi indawo iyobe ivulelekile yini," usho njalo.

IBassline Live neKhaya FM ifisele uHugh ukululama okusheshayo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     



- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-16°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...