Uxolo Zahara, bekuyihlaya nje - Somizi

2017-05-31 14:01

Johannesburg - Umethuli wezinhlelo kumabonakude ophinde abengumsakazi weMetro FM, uSomizi Mhlongo, usexolisile kumculi wakuleli uBulelwa "Zahara" Mkutukana ngemuva kokwenza ihlaya ngaye.

NgoMgqibelo ebusuku emcimbini wama-South African Music Awarsd (SAMA) eSun City, uSomizi wabuza izihlwele ukuthi ngabe uZahara usephume waya lapho kuphuzwa khona utshwala yini.

Lokhu ubekusho kulandela imibiko yangonyaka ophelile eyayithi uZahara ubuphuze aze alale kubo.

Nakuba uZahara ayengekho kulo mcimbi watshelwa ngaleli hlaya wabe esesabisa ngokumangalela uSomizi kanye nabaphathi bamaSAMA uma bengaxolisi kuye kuze kuphele leli sonto.

OLUNYE UDABA:UZahara uthi uzomangalela uSomizi nama-SAMA

"Ngiyafisa kube wukuthi engikuzwe ngibuya eSwazini emcimbini iBushfire Festival ngempelasonto edlule okuthiwa kushiwo uSomizi kuma-SAMA akusilo iqiniso! Ngoba uma ekushilo, ngizomumangalela yena nama-SAMA ngokungihlambalaza. Ngikhathele yile nto eyenzekayo," ebhala ku-Instagram.

USomizi usexolisile kulo mculi owaduma ngeculo elithi Loliwe, wathi akazange alikhiphe igama lotshwala kodwa usho amagama amabili, igama lakhe nethaveni, uthe uyaxolisa uma leli hlaya limuphathe kabi.

"Bengingaqondile ukumphatha kabi," uSomizi ucashunwe ngabezindaba iSowetan esho njalo.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter        


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...