UXoli Zondi uthi useyalulahla 'uhlanya' olunguZodwa - Umbiko

2016-04-11 12:31

Johannesburg - Umlingisi othandwa kakhulu ngokulingisa uZodwa kuGenerations uthi unethemba lokuthi umsebenzi omusha uzokwenza abalandeli bakhe bakhohlwe uZodwa, kubika iSundayWorld.

UXoli Zondi uthi uzobe elingisa umuntu ohluke kakhulu ohlelweni olusha oluzodlala kuMzansi i-Greed And Desire.

"Sengamshiya kudala uZodwa njengabanye abalingisi ababelingisa kuGenerations, kodwa abalandeli bami basangibiza ngoZodwa nanamhlanje. Lokho kubonisa ukuthi ngawenza kahle umsebenzi wami.

OLUNYE UDABA: Ukhonjwa kwiSibaya owodumo lweGenerations

"Nginethemba lokuthi abalandeli bami bazongibona ngenye indlela, kanti nohlelo lwamahlaya ebengilingisa kulo ku-SABC 1 seluphelile ngakhoke sengidlulele phambili,”kusho lo mlingisi

UXoli udlala indawo yentokazi enesizotha futhi esebenza kanzima uNqobile Gigaba ohlelweni olusha oluzodlala kuMzansi Magic. Uthembisa ukuthi lolu hlelo luzobe lushisa bhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...