OweShumaya uthi uzodela uma sekwenziwe i-DNA ngolwengane

2016-04-01 11:31

Durban – Ukhala ngokuqanjelwa amanga umculi wekwaito, uCebo Ngcobo, ocula neDbnyt okuyiqembu eladuma ngengoma eyashisa izikhotha ethi Shumaya.

UNgcobo, 30, kusanda kuvela ukuthi kunentombazane yangakubo KwaMashu ethi inengane enamasonto amabili nalo mculi.

Kuthiwa le ntombazane nalo mculi sebephenduke inkukhu nempaka kusukela yamtshela ukuthi ikhulelwe, kubika iLANGA leTheku.

UNgcobo akayiphikanga le ntombazane, kepha wathi ukufafazwa kwalezi zindaba kwenziwa abamdlela umona ngoba izinto zimhambela kahle.

“Ngilinde ukuthi ngibuyele eThekwini siyokwenza ulibofuzo. Anginanxa naye lo mntwana kodwa kunabangiyalele ukuba ngenze i-DNA kuqala ngoba angihlali eThekwini,” kusho uNgcobo.

OLUNYE UDABA: Umculi ulindele ingane futhi uthembise nomshado

Uqhube ngokuthi lo wesifazane udume ngokuba wuvanzi futhi uyabonakala ehamba nabanye abantu besilisa.

Kuthiwa le ntombazane iyabonakala ku-video yeBig NUZ yengoma ethi Amatsegetsege iyingxenye yamantombazane adansayo kuyo.

Intintwa le ntombazane ithe izozikhulisela yona ingane yayo ngeke imhluphe uNgcobo “ngoba uphila kamnandi eGoli”.

UNgcobo uthi uyabona ukuthi abantu bacusulwa yile moto ayithengile yingakho sebembheca ngobubende inyama engayidlanga.

Kuke kwavela ngaphambilini ukuthi lo mculi wakhulelisa owesifazane wasePitoli.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 19-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...