UVodacom uthi uBonang uyena owazifunela ukukhishwa kwi-contract yama-VIP

2017-07-25 15:59

Cabe Town – Isikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana kuleli, uVodacom, ngoLwesibili utshele iThe Juice ukuthi akusiwona owavele wazikhethela ukushintsha i-account kasaziwayo ongumethuli wezinhlelo kumabonakude, uBonang Matheba.

Lokhu kuza ngemuva kwemibiko eyehlukene yabezindaba esole ukuthi le nkampani yezokuxhumana ikhiphe lo saziwayo esigabeni senkontileka yomntakabani (VIP), yamehlisela kwi-prepaid ngemuva kokuthi ezwakalise ukucasuka kwakhe kuTwitter.

Ngokwe-website yakwaVodacom, abanikazi be-VIP contract bathola ama-minutes okufona angenamkhawulo, ama-SMS angenamkhawulo kanye no-5GB Data ngo-R1 999 ngenyanga, ezinyangeni ezingu-24.

OLUNYE UDABA: Sichithiwe isikhalo sikaMTN ngesikhangiso saVodacom esithi yiwona ohamba phambili

Ngaphambilini kule nyanga, uBonang uzwakalise okukhulu ukungenami ngale nkampani yezokuxhumana wathi indlela enikezela ngayo usizo “iyashaqisa”.

“Akusilona iqiniso ukuthi uVodacom owakhetha ukushintsha i-account kaBonang. Empeleni kwaba yisicelo sikaBonang sase sishintshela inombolo yakhe kwi-prepaid sabe sesinqamula iRed VIP contract,” kusho okhulumela uVodacom, uByron Kennedy.

UKennedy unqabile ukuphawula mayelana nokuthi besiyimalini isikweleti sikaMatheba ngenyanga.

UBonang Matheba akatholakalanga ukuba aziphendulele. 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...