Uvele enkantolo usomahlaya ngawokudlwengula

2015-12-31 08:07

Pennsylvania — UBill Cosby ubekwe icala lokugxisha izidakamizwa bese edlwengula owesifazane emzini wakhe eminyakeni engu-12 eyedlule, kusho umbiko.

Leli yicala lokuqala ukubekwa le nkakha yomlingisi ohideni lwamacala asolwa ngawo.

OLUNYE UDABA: Bayanda abasola uBill Cosby ngahlobene nocansi

Leli kungase kube yicala lokuqala elingaholela kwamanye azolandela ukubhekana nalesi sihlabani, 78, okungase kugcine ngokuthi aye ejele.

Abashushisi basola ukuthi uCosby wathaka iwayini lika-Andrea Constand ngezidakamizwa, wase emfaka iminwe esithweni sangasese ngaphandle kwemvume yakhe.

UCosby wavuma eminyakeni eyedlule ukuthi walala noConstand, wathi kodwa babevumelene.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Passing showers. Partly cloudy. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...