Utshelwe ezikabhoqo umawengane kaSomizi egxeka uZola ezinkundleni

2017-03-24 19:30

Johannesburg -  Kusuke omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi umethuli wezinhlelo uPalesa Madisakwane ehlambalaza umculi uBonginkosi "Zola 7" Dlamini.

Kuthiwa uZola unqabile ukuba yingxenye yengxoxo ohlelweni lwezindaba olwethulwa nguPalesa ku-ANN7 ngemuva kwenkonzo yesikhumbuzo sikaJoe Mafela.

Lo methuli uthathele kuTwitter edlulisa ukudinwa kwakhe ethi uZola akayeke ukuzenza usaziwayo ngoba "usephelelwe ushatini".

Le mibhalo kaPalesa ayehlanga kahle ebantwini abaningi njengoba nabanye osaziwayo bangenelele kulolu daba begxeka uPalesa ngalokhu akubhalile.

OLUNYE UDABA:Kuphakame imimoya kuhlangene osaziwayo

Babodwa abebekhala ngokuthi ungubani yena okhuluma ngokungadumi kukaZola ngoba naye akadulime.

Ebona ukugxekwa okukhulu, uPalesa uthathele kuyo le nkundla wasula lo mbhalo wase eyaxolisa ngokukhubaza imimoya yabantu wathi lokhu kubhalwe umsizi wakhe okunguyena olawula enye i-akhawunti yakhe.

Yize esexolisile abantu abakwamukelanga kahle ukuxolisa kwakhe njengoba bezwakalise ukuthi indaba yakhe iyadida.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-13°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-29°C Showers early. High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C a few showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...