UTshatha uthi ubengaqondile okubi ngombono wakhe

2017-02-23 12:34

Durban - Umsakazi woKhozi FM uKhathide "Tshatha" Ngobe udale ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili ngesikhathi efaka isithombe sabantu besifazane ababili abasebasha beveze imizimba.

Laba besifazane abangaziwa, isithombe sabo esathathwa endaweni yobumnandi eYadini Lounge eMlazi eningizimu yeTheku, uNgobe ususe enkulu inkulumo mpikiswano ngokugxeka indlela abagqoke ngayo.

OLUNYE UDABA: OwoKhozi FM ukhala ngendlela abesifazane asebegqoka ngayo

UTshatha ubhale kuFacebook ukuthi: "Okufanele nikwazi wezintokazi ukuthi uma nigqoke kanje izinsizwa ziconsa amathe qede zicabange umbhede.

"Uma uzitshela ukuthi insizwa ingacabanga umshado nokulobola klibhi, ngeke ukubone lokho. Zinhle lezi zintokazi kodwa ukugqoka kwazo kuzehlisa isithunzi."

Kulesi sithombe kuphawule abantu abangaphezu kwabangu-1 800 kanti iningi labo lisole uTshatha ngokweseka ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane.

Umnikazi waseYadini Lounge uJabulani Nzama odume ngelikaMJ uthe: "Uma ecabanga kanjalo ngabantu besifazane, angazi ngithini. 

"Ngicabanga ukuthi umbono wakhe uveza kona ukuthi akabahloniphi abantu besifazane."

Umphathi woKhozi FM uZandile Tembe uthe angeke akwazi ukuphawula ngoba lo mbono awenziwanga emoyeni.

UTshatha  uthe akabazi abantu besifazane abasesithombeni.

"Bengiphakamisa umbono wami futhi bengingaqondile olubi. Engikubhalile bekungabhekisiwe kula mantombazane asesithombeni," kusho uTshatha.

Lo msakazi uthe ubesexolisile ekhasini lakhe lakuFacebook ngoba ubonile ukuthi akwehlanga kahle kwabanye abantu besifazane.

 - Daily Sun

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Mostly sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-20°C a few showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...