UTipcee uthi akananxa noBabes, ucikwa yilaba ababaqhathanisayo

2018-01-10 17:59

eThekwini - Kusuke ukushisa ngoLwesibili ezinkundleni zokuxhumana uBabes Wodumo efaka i-video etshengisa uTipcee noDJ Cndo "behleba" ngaye noMampintsha.

UTipcee osayine ngaphansi kwenkampani kaDJ Tira i-Afrotainment useziphendulele ngalolu daba.

Le ntokazi ithi ayazi ukuthi uBabes ugxambukela kanjani kulolu daba njengoba esebasola ngokumhleba ngoba akukho la kuzwakala khona ephethe igama lakhe.

"Uma ulalelisisa le video, akukho lapho ngiphatha igama likaBabes Wodumo. Angazi ukuthi ungena kuphi. Angishongo lutho olubi, kodwa bengiveza amaqaniso, kodwa angifuni ukukhuluma ngalokhu," kusho yena etshela abeTshisaLive.

Le ntokazi ithi ngokwazi kwayo, yena noBabes bayazwana.

OLUNYE UDABA: BUKA: Abaculi be-Afrotainment 'behleba' ngoMampintsha noBabes Wodumo

"Sikahle mina naye. Mina anginanxa naye, ngasohlangothini lwami anginayo inkinga," kusho yena.

Le ntokazi yatshela leli phepha ngenyanga edlule ukuthi abantu bacabanga ukuthi akamthandi uBabes.

"Bacabanga ukuthi angimthandi uBabes. Wonke umuntu ucabanga ukuthi ngincintisana naye. Bahlezi besiqhathanisa kanti lokho kuyacasula, angincintisani namuntu. Ngisho noZodwa Wabantu, siyazwana naye, anginankinga nabo bobabili," kusho yena.

UTipcee uphinde wakhipha isitatimende exolisa kubalandeli bakhe ngokubonakala kwale video, wathembisa ngokuthi uzoqhubeka nokubajabulisa nakulo nyaka.


- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...