Uthi uzoziduduza ngokuphuza uCassper ngoba ephunyukwe uMinnie

2016-12-14 16:00

Cape Town – Umculi weHip Hop, uCassper Nyovest, usememe zonke izintokazi ezinhle futhi ezingathathiwe kuleli ukuba “zizomduduza” kulesi sikhathi esinzima.

“Nginabalandeli abathembeke kakhulu emhlabeni. Ngiyazi ukuthi bazile kanye nami ngalesi sikhathi esinzima,” uCassper ubhale kanjalo enkundleni yezokuxhumana, iTwitter.

OLUNYE UDABA: Kuthenjiswe uMinnie umshado kwahlekiswa ngoKhune noCassper

Lo mrepha ukhala kanjena nje inhliziyo yakhe isansonsotha kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi intokazi azifelayo ngayo, nengumethuli wezinhlelo zikamabonakude, uMinnie Dlamini, usethathiwe.

Le ntokazi abehlale ephupha ngayo, kubikwa ukuthi isithenjiswe umshado yisinqandamathe sayo, uQuinton Jones.

Manje uCassper usefuna ukuzipholisa amanxeba ngokuthi azithokozise neziphalaphala zezintokazi.

“Mantombazane! Anginantombi futhi ngiphuke umoya! Ngifuna nize nizongiduduza emgubhweni wosuku lwami lokuzalwa eTaboo ngalolu Lwesine!

“Intombazane yamaphupho ami isizibophozele nomunye wesilisa emthanda ngendlela eyisimanga. Okuncane nina eningangenzela khona ukuza nizophuza nami eTaboo ngoLwesine,” kuqhuba uCassper kuTwitter.

UMFANEKISO:

 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...