Uthi uphakathi komhlane nembeleko uSomnandi eMabala Noise

2017-02-09 14:02

Durban - Ingqalabutho yomculi kaMaskandi uthi konke kuhamba kahle phakathi kwakhe neMabala Noise ayijoyina ngonyaka odlule.

Lo mculi osezitholele ikhaya elisha eMabala noise uthi uzizwa ephatheke kahle kakhulu selokhu ajoyina lesi sitebele somculi.

Lo mculi, ogama lakhe langempela nguThokozani Langa, ohlonishwa kakhulu kuMaskandi uthe ayikho into emnandi njengokusebenzisana nabantu abakwaziyo ukukucabangela.

“Kumnandi kakhulu ukuba yingxenye yeMabala Noise. Sisebenza kanzima ukuthuthukisa umculo futhi sihlezi sihambela izindawo ezahlukahlukene njengoba sisaphusha i-albhamu esihloko sithi Amabhrazo emisakazweni.

"Ayikho into edlula ukusebenza nabantu abakwaziyo ukuxhumana nawe nixoxe mayelana nezinto okumele zenziwe kanye nemicimbi ohlelelwe yona," kusho yena.

Ekhuluma ngezinhlelo zakhe zakulo nyaka uSomnandi uthe kuningi akuhlelile kulo nyaka kodwa okuhamba phambili wukumaketha iculo lesibili kule albhamu asanda kuyikhipha ethi Amabhrazo.

“Okwamanje ngisamaketha iculo elithi Ziyayikhonkotha. Abalandeli bami bangeseke kakhulu ngale albhamu, yize kusasilimaza singabaculi ukudayiswa komculo ongumbombayi, kodwa okwamanje idayisa kahle kakhulu le albhamu,” kuqhuba yena.

Umlayezo obhekiswe kubalandeli.

USomnandi uthe ubonga kakhulu ukuthi abathandi bomculo wakhe bayalihlonipha igama lakhe kanye nomsebenzi wakhe, njengoba lokhu kumenza azigqaje futhi asebenze ngokuzimisela.

"Angibabizi ngabalandeli kodwa ngibabiza ngabathandi bomculo wami ngoba bahlezi benami ngaso sonke isikhathi."

Njengoba kungusuku lwakhe lokuzalwa, lo mculi uthi akukho okuningi akuhlelile ngaphandle kokuba nomndeni wakhe ekhaya.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...