Uthi kwamulaya ukuwina okaMaskandi ngoba usecelwa imali ngapha nangapha

2017-02-03 11:36

Durban - Umculi kaMaskandi uMroza uthi ucingo lwakhe selukhala lungathuli njengoba abantu befuna usizo lwemali selokhu awina u-R150 000 ngengoma yakhe ehlukanise unyaka.

UMroza ogama lakhe langempela nguSthembiso Fakude uthi uyafa yizingcingo zezikole ezimcela imali ngoba zikholelwa ekutheni wahlomula isigidi.

Lo mculi wengoma yodumo ethi Van Damme, uthi abantu kumele kubacacele ukuthi yena wathola u-R150 000 ngokudla umhlanganiso.

OLUNYE UDABA:Ifuna imali nonyanyavu lwemoto inyanga kowoKhozi FM

Ekhuluma nabe-Sowetan, uMroza uthi akazi nokwazi ukuthi abantu bazitholaphi izinombolo zakhe zocingo.

“Indlela abantu abangifonela ngayo ungafunga ukuthi ngiwine isigidi.”

Uthi akusikhona ukuthi akathandi ukusiza labo abaxakekile kepha okwamanje amandla akakabi nawo.

Uthe kodwa uzimisele ngokukulekelela abaculi abasafufusa endaweni yangakubo ukuze bakwazi ukungena kule mboni.

- Times Live

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Tstorms early. Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-32°C Sunny. Hot. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...