Uthi izigebengu zathi akacule umculi owathunjwa kudunwa imoto

2017-08-28 14:01

Johannesburg - UVusi Nova uthi izogcina izidlulile imicabango embuyelayo ngesigameko sokudunwa kwemoto yakhe.

Lesi sihlabani somculo we-Afro-soul, ogama lakhe langempela nguVusi Nongxa, sithunjwe siseMelville, eGoli, ngesikhathi kudunwa imoto yaso ngoLwesihlanu, sayoshiywa eChiawelo, eSoweto.

Izigebengu zabaleka nemoto yakhe kanye nezingubo ayezigqokile. Wasala nezingubo zangaphansi kuphela.

Ngesonto, uNova ukhale ngobuhlungu beso lakhe, athi kungenzeka ukuba line-infection.

UNova ukhethe ukungatholi ukwalulekwa ngokomqondo, ethi ngeke kumsize ngalutho, isimo akusona sizodlula.  

UNova uthe besekuphele izinyanga ezimbili engene kulo muzi okwenzeke kuwona isigameko, kodwa uthi ngeke athuthe khona ngenxa yesigameko.

Uthi izigebengu zamsabisa ngokumshumpula ‘induku’ yakhe, zimbulale.

OLUNYE UDABA: Bashise isiteshi samabhasi ababhikishi

"Bangishaya nangezimpama…bathi bazongibulala,” esho.

UNova uthi izigebengu zazingamboni, zaze zambuza ukuthi usebenzaphi, wazitshela ukuthi ungumculi ngaphambi kokuba zithi akaculer

“Ngabatshela ukuthi izwi anginalo, base bengishaya ngezimpama futhi.”

Izigebengu zazula naye, zaya nakwi-ATM kwakhishwa imali ngaphambi kokuba zithathe umakhalekhukhwini wakhe, zamkhipha emotweni.

UColonel Lungelo Dlamini uthe okwamanje bekungakaboshwa muntu ngalolu daba.

- Sowetan Live

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...