Uthi akazi noma azibulale yini owakhonjwa indlela oKhozini

2016-11-29 13:33

Johannesburg - Kubikwa ukuthi inkakha yomsakazi uChilli M owayeshayela uhlelo kuKhozi FM kanye noNonhlanhla Buthelezi, odume ngilikaMroza, usebuyele ezinkambini zikaFaro.

UChilli M ogama lakhe langempela nguVukani Masinga ekhuluma nabephephandaba iSowetan uqinisekise ukuthi usebuyelile otshalweni wathi akazi ukuthi abhekane kanjani nezinkinga ezimkhungethe.

"Sengiyaphuza futhi. Angazi ngenze njani. Angazi noma ngizibulale yini," usho kanje etshela ebezindaba.

OLUNYE UDABA: Umsakazi woKhozi uthi uphila njengosheleni

Lo msakazi uthe useyabudlonya futhi, kubikwa nokuthi 'usebuhlehlisa' kakhulu kunasekuqaleni ngenxa yezinkinga asebhekane nazo kulo nyaka.

Lokhu kulandela ukuthi lo msakazi ashonelwa yindodakazi yakhe engozini yemoto ngonyaka ophelile, wase ephinde ekhonjwa indlela oKhozini ngezinsolo zokugwazisa abaculi.

"Lo nyaka awubanga muhle kimina, izinto zivele zabheda kakhulu kunasekuqaleni," kusho uChilli M.

UChilli M uselwisane nokuphuza utshwla kakhulu kanti ekuqaleni konyaka odlule watshela abalaleli boKhozi FM ukuthi odokotela bathi uzoshona ezinyangeni ezimbalwa uma eqhubeka nokuphuza utshwala.

Lesi sihlabani sibe sesibuyeka utshwala saze saba nayinxusa le-Industry Association for Responsible Alcohol Use (ARA).

Ngesikhathi kwethulwa i-ARA, uChilli M wadalula ukuthi asisihle isibidi sakhe ngenxa yokuphuza kakhulu utshwala waze wathi "ngeke ufike uDisemba ephila".

 - Sunday World

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...