USomnandi ubophele noSjava ecwecweni lakhe elisha

2017-11-01 19:33

eThekwini - Bayabalwa abaculi bakaMaskandi abasakwazi ukuvumisa ingoma njengoSomnandi kanti nakulokhu ushaye adume ngazo ngezingoma ezishisa bhe.

Lo mculi ogama lakhe langempela nguThokozani Langa usekhiphe icwecwe lakhe elisha elisihloko sithi Isiqalekiso, kanti nakulokhu usebenzisana nabaculi abayintandokazi.

Kuleli cwecwe lakhe, umfokanamba 4 usebenzisane nabaculi abafana noSjava engomeni ethi iXhosa Lam, wadonsa iMfezi eMnyama engomeni ethi Yashintsh' Uthando kanye noNokwazi lapho bethi khona, Happy New Year.

OLUNYE UDABA:USomnandi ukhala ngomfana omethukayo

Kuleli cwecwe uSomnandi uphoxe abaningi abebelindele ukuthi uzogadla kuPotso.

Phela umculo kaMaskandi suwaphenduka isigcawu sokugcofana kwabaculi uma bengahoshelani.

Kwathuka abaningi ngesikhathi umculi waMageza Amahle egadla kuSomnandi kungalindele muntu.

Abantu bathuswa wukuthi lo mfana uPotso umsuka ngani uSomnandi ngoba abekho ngisho nasezingeni elilodwa.

USomnandi uthi njengoba ehlonishwa kakhulu kulo mculo yingoba uyayazi into ayizele; okungukushaya ingoma.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...