USomnandi ubonge idlozi lakhe ngokumvikela

2016-05-13 16:02

Durban – Umculi odumile kamaskandi uThokozani “Somnandi” Langa uthi ubonga uNkulunkulu namadlozi akukho ngokumvikela engozini yemoto emehlele kuleli sonto.

Ngokusho kombiko weDaily Sun, uLanga ubesuka oLundi eya enkonzweni yesikhumbuzo eGoli ngoLwesithathu ngesikhathi ehlelwa yingozi eshiye imoto yakhe eyiToyota Fortuner “ilimale yaphela indaba yayo”

ULanga uthi ubehamba nabantu ababili emotweni yakhe bedlula eVrede, eFree State, ngesikhathi imoto abebeyilandela yehlisa ijubane bengalindele.

OLUNYE UDABA: Usinde engozini yemoto umculi kamaskandi

“Ngizame ngakho konke okusemandleni ukuyivika, keha ngahluleka. Imoto ibiseduzane kakhulu ngase ngiyingena ngemuva. Ife yaphela imoto yami,” esho.

Uthe ubonga ukuthi inyama isahlangene nomphefumulo kanti futhi abazange balimale kabi.

“Ngibonga uNkulunkulu namadlozi akithi ngokungihlenga,” esho.

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...