USomizi uvikela umculi okuthiwa ‘uyathakatha’ ngokushisa impepho

2017-08-04 11:12

Johannesburg – Usaziwayo wakuleli wakumabonakude kanye nasemsakazweni, uSomizi Mhlongo, uthi abantu kumele bayeke ukusho izinto ezimbi ngamasiko abantu abamnyama nokuthi bawabize ngamagama angemahle.

USomizi ukusho lokhu ekhuluma ngemibiko ethi abanye abantu babiza umculi wakuleli, uThandiswa Mazwai, “ngomthakathi” ngenxa yokuthi ushisa impepho uma enandisa.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: IsiNgisi dololo encwadini kaBonang

“Sidinga ukufika endaweni lapho uziqhenya (ngamasiko akho) bese uletha ukukhanya. Kwabanye abaculi ukufika lapho uhleba bese uthi umuntu uyathakatha futhi usebenzisa umuthi: “Ubani omthakathayo uma ngabe uzosebenzisa izwi lakho kanye nomzimba wakho?” ubuze kanjalo ohlelweni alushayela ngokuhlanganyela noDJ Fresh kuMetro FM, iThe Fresh Breakfast

“Amadlozi ami anokulangaza. Ngingakhona ukuwathengela ukudla njalo ezinyangeni ezintathu uma ngifuna. Sanibona bafowethu kanye nodadewethu abamnyama, kulungile ukuphakela amadlozi akho noma ngabe nini uma ngabe efuna,” kwengeza uSomizi. 

- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...