Usomahlaya uxolisile kumkakhe ngemuva kokuputshuka kwe-video yocansi

2017-09-19 07:02

Durban - Usomahlaya uKevin Hart waphika wama entabeni kuqubuka amahlebezi wokuthi ujolela unkosikazi wakhe okhulelwe.

Imibiko yokuphinga kwakhe yaqala ezinyangeni ezimbalwa ezedlule lapho kwavela ukuthi wayezithokozisa nowesimame othile ngempelasonto ayebungaza ngayo usuku lwakhe lokuzalwa.

Lo somahlaya benomkakhe u-Eniko Parrish,32, benza ivideo bephika amahlebezi wokuthi le ndoda iyaphinga.

Ngalezi zinsolo zokuqala, kwavela i-video engcebeleke phezu kowesimame besemotweni.

OLUNYE UDABA:BUKA: Kuminza abantu ezikhukhuleni ezidalwe yisishingishane uHarvey

Akazange aphawu kakhulu ngalokhu, futhi izinto zaqhubeka zaba mnandi emzini wakhe, kwaze kwavela amanye amahlebezi okuphinga ephelezelwa yivideo.

Kulokhu, uHart usethathele enkundleni u-Instagram lapho akhiphe khona i-video evuma iphutha lakhe futhi exolisa ngalokhu okwenzenile.

Ngokusho kwakhe, uthi kunabantu asebafuna ukwenza imali ngamaphutha akhe, kungcono axolise kunokuthi avumele osomathuba.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...