Usobishini uPrince Kaybee

2016-07-17 09:35

Johannesburg - UDJ Prince Kaybee ogamalakhe lokuzalwa nguKabelo Motsamai akazange alubhade emcimbini obekufanele aklwebhe kuwo amapuleti, iThe Heavyweights eCarnival City eKurhuleni.

Umhleli womcimbi uRichard M Ramudzuli uthe: "Ngathola umqhafazo ngaphambi kwehora lokuba adlale esiteji uPrince Kaybee ovela kwimenenja yakhe uTuxedo  ebuza ukubza ukuthi kufanele adlale ngoba isikhathi lo DJ. Ngaphendula ngathi ngo-17:20,"kusho uRichard.

OLUNYE UDABA: Basale bedangele abalandeli engaqhamuki uNaak Musiq

URichard uthi izinto zabamanaphanapha ngesikhathi uTuxedo esexolisa ebika lokhu nalokhuya.

ISunday Sun inobufakazi bokuthi imali yangena kwi-akhawunti kaPrince Kaybee.

URichard uthe abalandeli bakhe abaningi basebelahlekelwe yithemba eCarnival City.

Wathi uPrince Kaybee nemenenja yakhe  balokhu bemucashela njengoba esefuna abuyiselwe imali yakhe.

"Kuyacasula  ukuthi inkampani yakhe idicilelwa phansi ngumculi.Abameli bami bazobhekana nalo lolu daba," kusho uRichard.

UPrince Kaybe uthe: "Angaz  ukuthi abantu bangenaphi kulolu daba ngoba ngizomukhokhela lo mjida imali yakhe, sharp."

UTuxedo akatholakalange ephawula.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 17-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...