USkolopad uthi akanaso isikhathi so-Ben 10

2018-02-07 19:25

Johannesburg - Umculi wakuleli odume ngokungazwani nokugqoka, ubhale kabanzi ku-Twitter ngokuthandana nabafana abancane, wathi lokhu kufana nokuba nengane yesibili.

Uthi inkinga yoBen 10 ukuthi bathanda ukunakwa kakhulu, bathanda imali, babangelana nokhwantalala, "bayahlanyisana" futhi bathanda izinto ezinkulu.

Lokhu kwenze abantu babona sengathi uqondise kuZodwa Wabantu, njengoba engakaze akufihle ukuthi uthandana nomfana omncane.

Ekhuluma kwi-TshisaLIVE, uSkolopad uthe ubengaqondisile kuZodwa Wabantu, kodwa ubezikhulumela nje ngento ayaziyo.

OLUNYE UDABA: Uyaqhubeka umsindo ngefilimu iNxeba

"O-Ben 10 akubona ababantu abanezinhliziyo ezincane. Ngake ngathandana noyedwa kodwa ngazizwa sengathi senginenye ingane.

“Kungani kumele ngikuthengele izinto? Yingoba nakhu kukhona into oyenza kahle kumina? Cha nana, nginayo ingane.

“Ngakho asiqhubanga isikhathi eside kanti futhi nabanye babangani bami bathi abafana abancane bafuna izinto eziningi.”

USkolopad uthi uma esemtholile umaqondana, kuzoba ngumuntu osevuthiwe futhi ufuna ukuphathiswa okwendlovukazi, nokuyinto oBen 10 abangeke bakwazi ukuyenza.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...