USkolopad uthembise ivanga nesinqe kuma-SAMA23

2017-05-18 19:30

Johannesburg - Owesifazane owazakhela udumo kumaMetro FM Awards (MMA16) ngokuveza umzimba, uNonhlanhla "Skolopad" Qwabe, uthi kuzobe kubukwa yena futhi emcimbini wama-South African Music Awards (SAMA).

USkolopad uthi azobe ekugqoke kuma-SAMA23, azobe ebanjelwe eSun City Superbowl ngomhlaka-27 Meyi 2017, kuzoshiya abantu bengawuvalo umlomo.

OLUNYE UDABA:BUKA: Owaduma kumaMetro FM Awards ‘engagqokile’ edansela uHlaudi

Ngesikhathi iphephandaba iDaily Sun likhuluma naye ingubo yakhe ibisathungwa kodwa ukwazile ukudalula ukuthi izobe iveza umzimba, ithanga nesinqe.

USkolopad uphinde wathi usazama ukuthola imali yokuthungisa ingubo yakhe bese ehambela lo mcimbi.

Uphinde wathi uzokhipha omunye umculo phakathi nonyaka, futhi uthemba ukuthi ngelinye ilanga naye uyoqokwa kuma-SAMA.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 17-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C Afternoon clouds. Warm. PE: 15-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...