USkolopad ukhihle esikaNandi ngokukhishwa ehhotela 'ngokungagqoki kahle'

2017-09-12 14:00

Cape Town – Unontandakubukwa wakuleli uNonhlanhla "Skolopad " Qwabe uthi ucishe wakhala mi izinyembezi ngesikhathi ecelwa ukuthi adlele ngaphandle kwehhotela.

Le ntokazi itshele abeThe Juice ukuthi ufike kuleli hhotela ngo-03:00 ekuseni ngeSonto egqoke ingubo efanayo nalena okuthiwa "ayiyinhle kahle".

“Ngesikhathi ngifika bebengenayo inkinga ngendlela ebengigqoke ngayo. Kuthe sengiyodla isidlo sasekuseni, umuntu osizayo ungitshele ukuthi bazongibekela itafula lami elikhethekile ngaphandle, ngoba indlela ebengigqoke ngayo 'ayinambitheki'."

OLUNYE UDABA:BUKA: Imiyalezo kaWhatsApp uSkolopad ethenjiswa lukhulu uma enikezela ngocansi

Le ntokazi iqhubeke yathi indlela ephatheke ngayo kule ndawp ibingeyinhle neze futhi kuwuhlukumezile umoya wayo.

USkolopad uthi usekhathazekile ngoba ulibangise kwelaseMozambique ngenyanga ezayo futhi uyasaba ukuthi angahle aphatheke ngendlela efanayo.

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...