USiyasanga Kobese noThobani Mseleni bazofihlwa ngesonto elizayo

2018-05-05 09:34

Johannesburg - Umculi nomlingisi uSiyasanga Kobese nomlingisi uThobani Mseleni bazobekwa endaweni yabo yokugcina e-Eastern Cape ngesonto elizayo, kulandela ukudlula kwabo engozini yemoto ngoMgqibelo odlule.

Laba bobabili badlule engozini eyodwa no-Akhumzi Jezile, uSkhumbuzo Mbuthuma nentombi yakhe uTumi Morake.

Inkonzo yesikhumbuzo kaSiyasanga ihlelelwe ukuba ibanjwe ngoLwesibili eNewtown Music Factory (Bassline) ngo-13:00 emini.

OLUNYE UDABA:Umndeni ka-Akhumzi Jezile usuqalile ukwenza amalungiselelo omngcwabo

NgoMgqibelo, abangani baSiya, umndeni nozakwabo bazomuvalelisa ekhaya lakhe eQueenstown, lapho azofihlwa khona.

Inkonzo yesikhumbuzo kaThobani yona izobanjwa ngosuku olulandelayo (ngoLwesithathu) eMarket Theatre.

 - Twitter:

 - Huffingtonpost

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...