Ushayiwe umculi obefuna ukuthenga izithelo nge-eWallet emakhaya

2017-12-17 17:33

ePolokwane - Umculi odume ngelokuba yinkosi ye-kwasa kwasa uMalo-a-Botsheba ulahlekelwe amazinyo amabili.

Lo mculi utitinywe ngesando walimala nasedolwengi kanye nobhozo nesikhathi eshaywa amadoda amabili kubangwa imali ePolokwane ngoLwesibili emini.

UMalo-a-Botsheba, ogama lakhe langempela wuSteve Sefofa, uphuthunyiswe esibhedlela sasePolokwane.

Le ndaba iqale ngezithelo ebezifunwa yilo mculi kodwa efuna ukuzikhokhela ngohlelo lwe-eWallet.

OLUNYE UDABA: Ushade isinyenyela umlingisi owagilwa wumfundisi

Ngemuva kokuphuma esibhedlela, lomculi ubuyele emzini wakhe eMohlabaneng eBolobedu, eLimpopo, lapho ezithoba khona amanxeba ngosizo lomkakhe.

Lo mculi bekumele ahambele ukhetho lukazwelonke lwe-ANC eNasrec eGoli kodwa ngeke asakwazi.

Uvule icala lokushaya ngenhloso yokuzama ukubulala, kanti amaphoyisa asaphenya, thola udaba oluphelele kuSunday World.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...