Ushaqise abaningi umakoti esiqeshini sayizolo se-OPW

2017-10-16 15:59

Johannesburg - Isiqephu sayizolo kusihlwa sohlelo, i-Our Perfect Wedding, sicasule abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuba ababukeli bebone indlela umakoti, uThoko, asho ngayo ukuthi uyamjabula njengoma umyeni wakhe eseyimpumputhe.

Udaba lwalezi zithandani, uThoko noVusi, belunohlonze njengoba bobabili sebeke badlula ezintweni ezinhle nezimbi, njengazo zonke izithandani.

OLUNYE UDABA:Umakoti we-OPW usolwa ngamanga

Kodwa kuvele ukuthi uVusi unomlando wokuba yisoka lamanyala; njengoba ake wathandana nenqwaba yabantu besifazane ngesikhathi esisodwa waphinde wajolela nengoduso yakhe.

Ngaphambi kokuba abe yimpumputhe ngenxa ye-meningitis, kuvele ukuthi uVusi washadelwa okwesibili futhi enentombi eceleni, kodwa umkakhe wamshiya.

Kokunye okwenzeke kulesi siqephu salolu hlelo, uThoko uzwakale ethi kuyamjabulisa ukuthi umyeni wakhe akaboni emehlweni ngoba lokho kuchaza ukuthi angeke akwazi ukubona abanye abantu besifazane.

Uphinde wathi uyafisa ukuthi umyeni wakhe aphinde abone kodwa okwesikhashana ukuze ezokwazi ukubona yena bese ephinde eba yimpumputhe.

Iningi lababukeli liphawule ngalesi siqephu enkundleni yezokuxhumana iTwitter .

Abanye bazwakalise ukuthi abanye abantu besifazane ababa nobudlelwano namadoda angathembekile bafanelwe okungcono. Abanye bathe kuyiqiniso ukuthi umuntu oseke waphinga uyohlezi ephinga.

 - Twitter:

 - The Citizen

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...