Usezoshayela uhlelo lwezingxoxo umlingisi olaxaze iGenerations

2017-08-08 12:34

Cape Town - UThando Thabethe usewushiyile umdlalo kamabonakude owuchungechunge ka-SABC nodlala phakathi nezinsuku, iGenerations, ngemuva kwesikhathi esicishe sibe yizinyanga ezintathu njengoba esethole ithuba lokuthi ethule uhlelo lwakhe lwezingxoxo oluzoqala maduzane.

Ngemuva kokudalula esikhathini esingamasonto amabili nohhafu esedlule ukuthi unohlelo olusha lwezingxoxo oluzoqala, uThando Thabethe – nophinde abe ngumsakazi wohlelo lwantambama ngokubambisana noMsizi James ku-5FM – ubone ukuthi angeke esaba naso isikhathi sokuba ngumlingisi weGenerations wabe esesula.

OLUNYE UDABA:Useyashiya kuGenerations: The Legacy umlingisi wodumo

UThando Thabethe wajoyina iGenerations - The Legacy esiyenziwe kabusha eminyakeni emibili nohhafu eyedlule, ngoJanuwari 2015, ngemuva kokuthi owayengumdidiyeli omkhulu uMfundi Vundla kanye neSABC baxosha abalingisi ababetelekile base bakha kabusha lo mdlalo.

UThando uzogcina ukubonakala kwi-Generations - The Legacy – edidiyelwa yiMorula Pictures – ngoJanuwari 2018, nalapho edlala khona indawo kaNolwazi Buzo.

Umdidiyeli omkhulu weGenerations, uMfundi Vundla, uthi bazomkhumbula kakhulu uThando ngomsebenzi wakhe kanye nethalente lakhe elikhulu. 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...