Useyitholile uSomizi incwadi evela kubameli baZahara

2017-06-06 19:29

Johannebsurg - Umculi wakuleli uBulelwa "Zahara" Mkutukana uqinisekise izolo (ngoMsombuluko) ukuthi abammeli bakhe sebemuthumelele uSomizi Mhlongo incwadi evela kubameli bakhe.

UZahara ekhuluma neTshisaLive uthe: "Useyitholile incwadi kodwa ubengakaphenduli. Ubengakaxolisi, ngisho nokungishayela ucingo. Incwadi icela ukuba axolise futhi iphinde imxwayise ngokugthi angaphinde enze ihlaya ngami."

Lokhu kulandela ihlaya elenziwa nguSomizi kumaSouth African Music Awards ayebanjelwe eSun City emasontweni amabili edlule.

Lo nontandakubukwa wabuza ezihlelweni ukuthi ngabe "uZahara uselapho kuphuzwa khona utshwala yini".

OLUNYE UDABA:UZahara uthi uzomangalela uSomizi nama-SAMA

Abezindaba baphinde babika ukuthi uZahara usefuna ukuqhubeka nempilo, nakuba "kungakaxoliswa kuye".

"Lolu daba seluphenduke indaba enkulu futhi esithathe isikhathi eside. Ungumngani wami kanti angifuni ukuthi le nto iqhubeke. Ngifuna nje azi ukuthi abangani abakhulumani kanje. Uma ebengumngani wami wangempela ubengeke akhulume kanje," usho njalo.

Ekhuluma ngokugxekwa ezinkundleni zokuxhumana selokhu acela ukuba uSomizi axolise, uZahara utshele iTshisaLive ukuthi akanandaba nokuthi bathini abantu ngaye ngoba vele baphethwe umona ngoba behalela ukuba nguye.

 - Daily Sun

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...