Useyishiyile i-TS Records uZahara

2017-03-15 18:00

Johannesburg - Umculi wakuleli uBulelwa Mkutukana odume ngelikaZahara uqinisekise kwabephephandaba iSowetan ukuthi useyashiya kwisitebele somculo i-TS Records kodwa usasebenzisana kahle nabo.

"Ngisazoqhubeka nokusebenzisana ne-TS Records njalo uma bengidinga noma uma ngibadinga.

"I-TS Records yikhaya lami. UBhuti TK (Thembinkosi Nciza) wayehlezi engikhuthaza ukuthi ngikuveze ukukhula kwami embonini yomculo. Ufana nobaba kimi.

OLUNYE UDABA: U"Loliwe" usaqhubeka nokugila izimanga

"Ngiyazi uyaziqhenya ngokuthi sengiyishiyile i-TS sengiyozimela. Futhi okunye engikubonile ukuthi usehlezi ematasa njengoba esegxile kakhulu kwezepolitiki," kusho uZahara.

UZahara udalule ukuthi usezosebenzisana ne-Universal Records eseLondon nokuthi uzimisele ngokusayinda amaphepha nale nkampani ngoMsombuluko.

"Bangishayela ucingo baze bafika nala eNingizimu Afrika bezongibona. Bafuna ukusebenzisana nami kanye nabaculi bami eLondon," esho.

 - Drum

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 8-17°C High level clouds. Mild. Pta: 6-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 13-16°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. PE: 10-16°C Showers early. Decreasing cloudiness. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...