Useyilaxazile iMetro FM uBonang, ubonakale esiteshini esisha

2017-04-04 09:32

Cape Town – Usaziwayo wakuleli ongumethuli wezinhlelo kumabonakude kanye nasemsakazweni, uBonang Matheba, usebe ngomunye wakamuva ukumemezela izindaba zokuthi usesulile kweminye yemisakazo emikhulu kuleli, iMetro FM.

UBonang ubeshayela uhlelo olungena ngo-10:00 kuya ku-12:00 phakathi nesonto, iFront Row.

Lo saziwayo umemezele lezi zindaba enkundleni yezokuxhumana, iTwitter, ngoMsombuluko ntambama.

“Ngemuva kweminyaka emithathu yokwenza imilingo kuFront Row, ngingakuqinisekisa ukuthi sengishiyile ngokusemthethweni njengomethuli wohlelo. Ngizowukhumbula kakhulu umndeni wami wakuMetro FM, njengoba besho ukuthi zonke izinto ezinhle zifinyelela esiphethweni… ngibheke phambili esigabeni esilandelayo sempilo yami emsakazweni.”

OLUNYE UDABA: BUKA: UBonang esakaza nobekuthiwa ‘abezwani’ naye ohlelweni olusha

Ukusaula kwalo msakazi kulandela isimemezelo ngoMsombuluko sokuthi uLerato Kganyago usezokwethula iThe Front Row ngokuhlanganyela noBonang.

Komunye umbhalo awubhale kuyo iTwitter ngoMsombuluko ntambamba, uBonang ubhale ukuthi: “… inhliziyo yami iphukile. Ngitshelwe ngezinguquko ohlelweni lwami esikhathini esiyihora ngaphambi kokuba ngiye emoyeni.”

Lo msakazi ube esethembisa abalandeli bakhe ukuthi uzobuya emsakazweni maduzane.

Ngesikhathi iThe Juice ishicilela lolu daba iMetro FM ibingakaphawuli.

Kodwa-ke uBonang kanye nesoka lakhe baye babonakala emahhovisi esiteshi esisha, iTouch HD, ngoMsombuluko ntambama njengoba bese kusabalele izindaba zokuthi uyashiya kuMetro FM.

Zifundele eminye yemibhalo kaBonang lapha ngezansi:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Drizzle. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...